Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2

Transcrição

Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2
Konke ngekhondomu
yabesifazane i FC2
Konke
ngekhondomu yabesifazane i FC2
yocansi oluphephile neluthokozisayo
Uma ukhuluma ngekhondomu yabesifazane i FC2 okokuqala abantu bavamise
ukuba nemibuzo eminingi ngayo. Uma sebeqala ukuyisebenzisa i FC2, bangaba
nemibuzo eminingi futhi. Lelibhukwana likunika izimpendulo kuyoyonke leyomibuzo.
Ukukusiza ukuthola izimpendulo ezifanele kalula sizihlukanise ngalezizigaba ngezansi:
1. 2. 3. 4. 5. 6. 3
Ulwazi nge FC2.
Abasebenzisi be FC2.
Ukufakwa kwe FC2.
I FC2 ngesikhathi socansi.
I FC2 kanye nezinye izinhlobo zohlelo-mndeni.
Ukusetshenziswa kwekhondomu yabesifazane i FC2.
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
1 Ulwazi nge FC2
Iyini ikhondomu yabesifazane i FC2?
I FC2 ikhondomu ethambile, eshelelayo neqinile eyakhiwe ngohlobo lwendwangu
lwemvelo engena esithweni sangasese sowesifazane. Iyakhanya, inobude
obungamasentimitha angu 17 noma amayintshi angu 6,5, nering yangaphakathi
neyangaphandle eyenziwe ngayo indwangu yayo ikhondomu egoqiwe. Iring
yangaphakathi isekuvalekeni kwekhondomu futhi iyibamba ukuthi ihlale kahle
ngaphakathi ngesikhathi socansi. Iring yangaphandle isekuvulekeni kwekhondomu
ngaphandle eyenza ibambelele esithweni sowesifazane ngaphandle.
•
I FC2 inamathela ngaphakathi esithweni sowesifazane, ivale umlomo
wesibeletho ngaphakathi. Ibamba imbewu yowesilisa emva kokuchitha, ivikele
ukukhulelwa okungahleliwe, ivimbele ukungena kwamagciwane abanga izifo
zocansi kanye ne HIV.
•
I FC2 inika ukuvikeleka okungeziwe ngokuvala izitho zowesifazane
zangaphandle kanye nengxenye yesitho sowesilisa.
Ingabe i FC2 iphephile?
•
•
•
•
•
4
5
Ukuhlolwa kwe FC2 kukhombise ukuthi iphephile futh iyindlela egculisekayo
yokuvikela izifo zocansi kanye ne HIV kanye nokukhulelwa okungahleliwe.
I FC2 igculiseka njengezinye izindlela zokuvikela ukungena kwamagciwane uma
isetshenziswa ngokufanele zikhathi zonke.
I FC2 ngayinye ihlolwe yaqiniseka ukuthi isezingeni eliphezulu.
I FC2 ihlolwe ngendlela yokucophelela, (ISO 10 993) kubhekeleka isihlungu,
ubuthi kanye nokuqubuka nokungaphatheki kahle ezithweni nezicubu
zomzimba.
Ikhondomu yabesifazane, iFC2 isezingeni eliphezulu eligcine imigomo ebekwe
izinhlangano zomhlaba zezempilo ezinjengenhlangano yokudla namakhambi
(FDA)nenhlangano yomhlaba yezempilo (WHO).
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
Yini engenza sisebenzise i FC2?
Yini i FC2 ibukeke ihlukile kwikhondomu yabesilisa?
Ziningi izizathu zokulangazelela nezijabulisayo zokusebenzisa i FC2. Nazi ezinye zazo:
•
I FC2 iyindlela-mbili zokuvikela. Lokhu kusho ukuthi ivikela izifo zocansi, ne
HIV kanye nokukhulelwa. I FC2 yenza owesifazane nowesilisa babenocansi
olukhululekile ngaphandle kokwesaba imiphumela engemihle.
•
I FC2 ingafakwa ngaphambi kokwenza ucansi. Lokhu kusho ukuthi ayidingi
ukuphazamisa ukuthozisana ukuze kufakwe ikhondomu.
•
I FC 2 yenziwe ngendlela yokuthi ilingane kahle esithweni sowesifazane
ngaphakathi futhi bese ivumela isitho sowesilisa sinyakaze ngokukhululeka
ngaphakathi ngesikhathi socansi.
•
I FC2 iyakwazi ukusheshe imukele ukushisa komzimba, ifudumale bese
izwakala njengemvelo.
•
I FC2 inamafutha. Uma uthanda futhi ungawangeza ngaphakathi,
ngaphandle noma kuso isitho sowesilisa. Lokhu kungenza ukungena
kowesilsa kowesifazane kubelula kwenze futhi ukunyakaza kwakhe
ngaphakathi kushelele kahle ngesikhathi socansi.
•
I FC2 ayinasihlungu futhi enye indlela kwabesifazane nabesilisa
ababanesihlungu uma besebenzisa ikhondomu yabesilisa.
•
Induku yowesilisa ayidingi ukuvuka uma ezosebenzisa i FC2 futhi owesilisa
akadingi ukushesha aphume kowesifazane emva kokuchitha ngesikhathi
socansi.
•
Abesifazane nabesilisa bangaba nokuzithokosiza uma befaka i FC2.
Womabili amaring aku FC2 angeza ubumnandi bocansi. Abanye abesilisa
bajabuliswa ukuthintana nering yangaphakathi ngalesisikhathi enyakaza
ngaphakathi. Abesifazane bona bajabuliswa ukuzwa iring yangaphandle
ibathinta esithweni sabo sangaphambili.
I FC2 yenzelwe ukulingana ingaphakathi lesitho sowesifazane, ivumele ukunyakaza
ngokukhululeka kwesitho sowesilisa ngaphakathi ngesikhathi socansi. Futhi
inika ukuvikeleka okwengeziwe ezifweni zocansi ngokuvala izitho zowesifazane
zangaphandle kanye nengxenye yesitho sowesilisa.
Mafutha mani angasetshenziswa ne FC2?
I FC2 inamafutha ayo. Ungawangeza amafutha ngaphakathi noma ngaphandle
kwekhondomu noma uwafake kuso isitho sowesilisa.
Ingabe i FC2 idinga ukubekwa ngokucophelela?
I FC2 ayonakaliswa amazinga okushisa aphezulu futhi ayidingi ukubekwa
ngokucophelelwa.
Ingabe i FC2 ifika nezilinganiso (sizes) ezehlukene? Cha. I FC2 ilingana bonke abesifazane ngobukhulu noma ukuma kwabo.
6
7
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
2
Abasebenzisi be i FC2
Ubani ongasebenzisa i FC2?
I FC2 indlela enhle ethokozisayo yocansi oluvikelekile yabesifazane nabesilisa
abenza ucansi. Okunye, i FC2 ingasetshenziswa:
•
Abesifazane nabesilisa abenesihlungu uma besenzisa ikhondomu yabesilisa
•
Abesifazane abasesikhathini
•
Abesifazane abakhulelwe
•
Abesifazane abasanda kubeletha
•
Abesifazane asebevalekelwe noma abasondele ukuvalekelwa isikhathi
•
Abesifazane abakhishwe isibeletho
Yini i FC2 idinga ukutholwa abesifazane?
Ezindaweni eziningi abesifazane abanazwi noma kuncane abangakusho mayelana
nocansi futhi abekho ezingeni lokutshela izithandani zabo ukuthi bangenzi ucansi
nabanye abantu noma babonisane ngokusetshenziswa kwekhondomu yabesilisa.
Okwamanje ikhondomu yabesifazane kuphela engasetshenziswa abesifazane
ukuzivikela ukuthola izifo zocansi, ne HIV kanye nokukhulelwa okungahleliwe.
Ngakho-ke i FC2 iyalekelela ukusiza abesifazane ukubamba iqhaza nokubanika
amandla kanye nokwengeza ulwazi kubo lwemizimba yabo. I FC2 iyasiza
ukuthuthukisa ukuxhumana phakathi kwabesifazane nabesilisa.
I FC2 ingasetshenziswa yini abantu ababanesihlungu kwi latex?
I FC2 yenziwe ngendwangu elula ehloliwe kabanzi yakhombisa ukungabi nasihlungu.
Iyindlela enhle yabesifazane nabesilisa abengezwani ne latex.
Ingasetshenziswa yini i FC2 uma ukhulelwe? Kuphephile ukusebenzisa i FC2 uma ukhulelwe.
Ingasetshenziswa yini i FC2 uma usesikhathini?
Ungayisebenzisa i FC2 uma usesikhathini kodwa kufanele uyifake ngesikhathi
socansi futhi usheshe uyikhiphe masinya emva kocansi ngoba ngeke ikwazi
ukuvikela ukuphuma kwesikhathi kowesifazane.
8
9
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
3
Ingasetshenziswa masinya kangakanani i FC2 emva kokubeletha?
I FC2 ingasetshenziswa emva kokubeletha uma usuzizwa ukuthi usululungele ucansi.
Kungaba indlela engcono uma ezinye izindlela zohlelo-mndeni zingakakulungeli
ngalesosikhathi.
Ingabe kulula ukusebenzisa i FC2?
Njengayoyonke into entsha, kungadingeka ukuzama nokuzimisela. Khumbula
ukuzama kukwenza ubewumpetha. Yizame i FC2 okungenani kathathu. Thola indlela
ezozwana nawe yokufaka i FC2. Kungaba indlela yokuma uphakamise umlenze
owodwa, eyokuhlala ecopheleni, eyokuqoshama noma eyokulala ngomhlane. Kungaba
owesifazane noma owesilisa ongayifaka i FC2. Thola ukuthokoza ekuyifakeni!
I FC2 ingasesthenziswa yini ocansini lwangemuva?
Ukufakwa kwe FC2
Akukho ucwaningo oselwenziwe ukubhekeleka ukuphumelela kwe FC2
ocansini lwangemuva futhi ayivumelekile kulokho. Kodwa-ke izikhungo eziningi
zempilo ziyakuphakamisa ngokuthembeka ukusetshenziswa kwe FC2 ocansini
olwangemuva. Lezizinhlangano ziluleka ngokufaka i FC2 ocansini lwangemuva
ngokukhipha iring yangaphakathi kuqala ngaphambi kocansi. Ufaka ikhondomu
uma isitho sowesilisa sesivukelwe bese uthatha iring yangaphakathi uyifake
ngaphezulu kwekhondomu ukuze ibambe ikhondomu inganyibiliki.
Ingasetshenziswa yini i FC2 uma owesilisa enenduku ende ngokwedlulele?
Ingafakwa nini i FC2?
I FC2 ingafakwa amahora ambalwa ngaphambi kocansi noma ngaso isikhathi sokwenza
ucansi futhi ayidingi ukukhishwa masinyane emva kocansi.
Wazi kanjani ukuthi i FC2 ifakeke kahle?
Uyezwa uma ihleli kahle. Iring yangaphandle kufanele ihlale ngokubambelela emlonyeni
wesitho sowesifazane. I FC2 inamathela izindonga zangaphakathi kowesifazane.
Ucwaningo nokuhlolwa kwe FC2 kwenziwe emazweni amaningi anezinkolelo
ezehlukene.Kutholakale ukuthi i FC2 ivumela zonke izimo nezikalo
zabesifazane nabesilisa.
Inganyamalala yini i FC2 ngaphakathi?
Cha. I FC2 ngeke inyamalale ngaphakathi emzimbeni. I FC2 ivala umlomo wesibeletho
ongeke ukwazi ukudlulisa I FC2 ngoba mncane. Umlomo wesibeletho uvuleka kuphela
uma owesifazane ebeletha.
Ngenzenjani uma iring yangaphakathi izwakala ingahleli kahle?
•
•
Ikhiphe ikhondomu
Phinda futhi uyifake ikhondomu. Zama ukuyifaka ngendlela ehlukile.
Ungakwenza umile, uhleli, uqosheme noma ulele ngomhlane.
Ngenzenjani uma ikhondomu iphunyuka esandleni ngesikhathi ngiyifaka?
Sula iminwe yakho ngethawula/ngendwangu ukususa amafutha, uqhubeke nokuyifaka
ikhondomu.
10
11
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
I FC2 ingabuqeda yini ubuntombi?
KungenzekaI i FC2 ilimaze ubuntombi uma ifakwa.
Ungachama yini usufake i FC2?
Yebo. Ungachama usufake i FC2. Qikelela ukuthi iring yangaphandle ayivalile
intuba yokuchama. Uma kufanele, iphushe iring yangaphandle iye kancane
ngangxanye ngaphambi kokuchama. Emva kokuchama, zisule kahle ubuyisele iring
endaweni ebikuyona ngaphambi kokuchama.
12
13
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
4
I FC2 ngesikhathi socansi
Ingasebenza ngokuphindiwe yini i FC2?
Cha. Sebenzisa i FC2 entsha kololonke ucansi.
Ingabe kuyiqiniso yini ukuthi i FC2 yengeza injabulo ngesikhathi socansi?
Yebo. Abanye besilisa bathola ukuthi ukuthintana nering yangaphakathi nesikhathi
socansi kubakitaza imizwa yokujabulela ucansi. Abanye besifazane bathokoziswa
ukuthintwa iring yangaphandle esithweni sabo sangasese ngaphandle. I FC2
ingafakwa noma ubani kwizithandani okungenza ukulangazelela ucansi. Indwangu
ye FC2 ithambile, iyashelela futhi ifudumala nezinga lokushisa komzimba okwenza
ucansi kubengathi olwemvelo.
Izwakala kanjani iring yangaphakathi ocansini?
Abaningi abesilisa nabesifazane bathi iring yangaphakathi ingeza ubumnandi ocansini.
Uma iring yangaphakathi izwakala ingahleli kahle, zama ukuyikhipha uphinde uyifake
kahle.
Kungabe udinga ukuyibamba yini iring yangaphandle ngesikhathi socansi?
Cha. Uma owesilisa esengenile ngaphakathi, awusadingi ukubamba.
Kungabe i FC2 inomsindo ngesikhathi socansi?
Ingaqhuma yini i FC2 ngesikhathi uyisebenzisa?
Njenganoma iyiphi ikhondomu, kufanele kuqikelelwe uma ifakwa. Ungavuli iphakethe
ngesikele, ummese noma ngamazinyo. Ibambe ngokucophelela uma unezinzipho
ezinde. Kubikwa ukudabuka nokuqhuma kwe FC2 okungaphansi kwephesenti
elilodwa. Uma i FC2 iqhuma, ikhiphe ufake entsha masinyane.
Ngenzenjani uma induku yowesilisa ishibilika ingena eceleni kwekhondomu?
•
•
Owesilisa kumele aphume masinyane.
Kubalulekile ukubamba iring yangaphandle ngesikhathi owesilisa engena
ukuze akhonjiswe indlela engena ngaphakathi kwikhondomu. Uma esengenile
akusadingeki ukuqhubeka nokubamba iring yangaphandle.
Ngezenjani uma ikhondomu ishibilika ingene phakathi kowesifazane kanye
nesitho sowesilisa? •
•
•
Ikhiphe ikhondomu.
Faka entsha.
Ngeza amafutha ngaphakathi kwikhondomu noma kusona isitho sowesilisa.
Cha. I FC2 ikhondomu ethambile futhi eshelelayo. Uma uzwa umsindo futhi
ukuphatha kabi, yengeza amafutha kuyona ikhondomu ngaphandle noma ngaphakathi
noma kuso isitho sowesilisa. Zama futhi ukuyifaka ikhondomu imizuzu embalwa
ngaphambi kocansi.
Ngenzanjani uma iring yangaphandle inyibilika ingene ngaphakathi
kowesifazane noma iphusheleke phakathi?
•
•
•
Owesilisa kufanele aphume ngokushesha.
Ikhiphe ikhondomu.
Faka ikhondomu entsha.
Ingasetshenziswa yini i FC2 kwezinye izindlela ezehlukile zokwenza zocansi?
Yebo. Kungafanele uzame ezinye izindlela uma usuzizwa ukuthi uyazethemba futhi
ukhululekile ukusebenzisa i FC2.
14
15
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
5
I FC2 kanye nezinye izindlela zohlelo-mndeni
Ingasetshenziswa yini i FC2 kanye nezinye izindlela zohlelo-mndeni?
Yebo. I FC2 ingasetshenziswa nephilisi, umjovo, iLuphu (IUD) nezinamathiselo
(implants), emva kokuvala kowesifazane noma owesilisa ukuvikela izifo zocansi
neHIV. I FC2 ayikwazi ukusetshenziswa kanye nezivimbo zokuhlelo-mndeni
(diaphragm and NuvaRing) ngoba iring yangaphakathi yeFC2 ihlala endaweni
efanayo lakuhlala khona izivimbo.
Ingasetshenziswa yini i FC2 ndawonye nekhondomu yabesilisa?
Cha. Ayisetshenziswa ikhondomu yabesilisa nabesifazane kanyekanye.
Ukuwasebenzisa wobabili amakhondomu akungezi ukuvikeleka kodwa kungeza
amathuba okuqhuma kweyodwa noma womabili.
16
17
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
6
Ukusetshenziswa kwekhondomu yabesifazane i FC2
Lemiyalezo ikhombisa
izinyathelo zokufakwa
kwekhondomu esithweni
sowesifazane. I FC2
Ingafakwa ngaso isikhathi
socansi noma amahora
ambalwa ngaphambi
kocansi.
Uma i FC2 isetshenziswa
okokuqala, kufanele abantu
bazifundise ukuyifaka.
Abesifazane bangazifaka
noma bafakwe izithandwa
zabo.
6
Faka iFC2 esibaqaziwe ingene
esithweni sangasese.
Faka umunwe kwikhondomu
uphushe iring yangaphakathi
ingene phakathi iye emuva.
Qiniseka ukuthi ikhondomu
ayijijekile ukuze ihlale kahle.
18
1
Ngaphambi kokuvula
iphakethe leFC2:
• Bheka usuku lokuphela
olugxivizwe eceleni
kwephakethe leFC2.
• Hlikihla iphakethe leFC2
ukusabalalisa amafutha
ngaphakathi.
7
Ingxenye yekhondomu
kanye nering yangaphandle
kusala ngaphandle kwesitho
sowesifazane sangasese,
kumboze izindebe zangaphandle
kanye nengxenye yesitho
sowesilisa ngezansi.
2
Ukuvula iphakethe, dabula
kusuka ophawini
oluyinkomba ngasesandleni
sokudla phezulu, wehle uye
phansi, khipha ikhondomu.
Ungasebenzisi isikelo, ummese
noma amazinyo ukuvula
iphakethe. Thulula ikhondomu,
uyibambe ibheke phansi
ngokuvuleka kwayo.
3
8
9
Iqaqela isitho sowesifazane
ngaphakathi futhi imboze
nomlomo wesibeletho.
Umlomo wesibeletho umncane
ngendlela yokuthi ngeke ikwazi
ukudlula kuwo.
Bamba ikhondomu
ngering yangaphakathi
uyibaqaze phakathi komunwe
wenkomba nesithupha uyenze
ibencane ilungele ukufakwa.
Bamba iring yangaphandle
ngesikhathi owesilisa
engena. Uma esengenile, isitho
sakhe sesingaphakathi
kwikhondomu, asisekho isidingi
sokuqhubeka ubambe iring
yangaphandle. Ukuthola
ukuthokoza okukhulu,
unganezela amafutha
ngaphakathi noma ngaphandle
kweFC2 noma kusona isitho
sowesilisa uma ikhondomu
isifakiwe.
19
4
5
10
11
Ungayifaka i FC2
ngezindlela eziningi
ezehlukene.
Thola indlela ezolungelana
nawe. Ungama, ungahlala,
ungaqoshama noma ulale
ngomhlane.
Qaphela! Owesilisa
kudingeka aphume
ngokushesha uma:
• Induku yakhe ingene eceleni
hayi kwikhondomu. Kulokhu
kudingeka uphinde ubuyisele
iring yangaphandle endaweni
yayo uyibambe ukuze aphinde
abuye azongena kahle
ngaphakathi kwikhondomu.
• Iring yangaphandle iphusheke
yangena ngaphakathi esithweni
sowesifazane. Kulokhu udinga
ukuyikhipha ikhondomu, ufake
entsha.
Thinta izindebe zangaphandle
zesitho sangasese, uzivule.
Ukuyikhipha i FC2, bamba
iring yangaphandle
amacala omabili uyijikelezise
amahlandla amathathu kuya
kwamahlanu ukuze kuvaleleke
konke okuchithwe owesilisa
ngaphakathi. Kuhle ukwenza
lokhu ngaphambi kokusukuma.
Donsa ikhondomu kahle
uyikhiphe. Ibuyisele ephaketheni
noma uyigoqe ngephepha
uyilahle nodoti.
Konke ngekhondomu yabesifazane i FC2 yocansi oluphephile noluthokozisayo
I FC2 ikhondomu yabesifazane
Yocansi oluphephile noluthokozisayo
Uma ukhuluma nabantu okokuqala ngekhondomu
yabesifazane, i FC2 bavamise ukuba nemibuzo
eminingi ngayo. Futhi uma sebeyisebenzisa i FC2
bangana neminye imibuzo eminingi. Lelibhukwana
likunika izimpendulo kuyoyonke leyomibuzo.
www.femalecondom.org | [email protected]
I SUPPORT iwuphiko lwenkampani ye Female Health Company
I FC2, ikhondomu yabesifazane ekhiqizwa inkampani i Female Health Company.
IChicago eseMelika/naseLondon UK/Malaysia
TM

Documentos relacionados

link

link • Uma usebenzisa izidakamizwa kanti futhi wabelane nabanye ngezinalithi. • Uma une-HIV kanti futhi uthola ingane (uzala) ngaphandle kokuthola imithi, kumele ingane yakho iyohlolelwa i-HIV. • Ing...

Leia mais

UNG ITHAND A NEZICIZAMI!

UNG ITHAND A NEZICIZAMI! EKHETHEKILE UKHANYI USILUMA INDLEBE NGOBUDLELWANO BAKHE NOTEBOGO LEROLE FUTHI UTHI ABALUTHINTI UCANSI

Leia mais