ISHEDULI IMITHETHO EPHATHELENE NOMKHAKHA WABADOBI

Transcrição

ISHEDULI IMITHETHO EPHATHELENE NOMKHAKHA WABADOBI
NB: Inguqulelo yesilungu yiyo eyothi ithathelwe ingqalelo xa kuthe kwakho impazamo
kweyesiZulu
ISHEDULI
IMITHETHO EPHATHELENE NOMKHAKHA WABADOBI ABANCANE
Izincazelo zamagama
1.
Kule Mithetho noma yiliphi igama noma umusho onikezwe incazelo
ngokoMthetho Wezilwane Zasolwandle, ka-1998 (uMthetho Nombolo 18 ka-1998)
uzolandela leyo ncazelo, ngaphandle uma ingqikithi ikhombisa okwehlukile—
"umphakathi" kusho noma iliphi iqembu labantu noma ingxenye yalelo qembu
enezimfuno noma izintshisekelo ezifanayo, futhi okungabantu abazibona
bengumphakathi;
"umfelandawonye" kusho umfelandawonye obhaliswe ngokoMthetho
Wezemifelandawonye, ka-2005, njengomfelandawonye onamalungu ayisihlanu
noma ngaphezulu (primary co-operative) noma umbimbi lwemifelandawonye
(secondary co-operative);
"UMthetho Wezemifelandawonye, ka-2005" kusho uMthetho
Wezemifelandawonye, ka-2005 (uMthetho Nombolo 14 ka-2005);
"izinhlanzi okungafanele zithengiswe" kusho izinhlobo zezinhlanzi, eziqagulwe
nguNgqongqoshe, umdobi angazidobela zona ngenhloso yokuzitholela okuya
ngasethunjini, kepha okungavumelekile ukuthi zithengiswe;
2
"indlela egxile kwizinhlanzi ezinhlobonhlobo" kusho inqubo lapho izinhlobo
ezahlukahlukene zezinhlanzi futhi eziyisibalo esithile esibekiwe zabiwa ngokwelungelo
lomkhakha wabadobi abancane, futhi kumele “ubhasikidi wezinhlobo zezinhlanzi”
uhunyushwe ngokwale nqubo;
"indawo eseduze kogu lolwandle" kusho indawo esogwini lolwandle, lapho kulula
khona ukuthi abadobi badobe izinhlanzi besebenzisa izinhlobo zokudoba ezilula futhi
zakudala ezingadingi ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu;
"umfelandawonye onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu" kusho
umfelandawonye osungulwe ngabadobi abancane okungenani abahlanu ngenhloso
yokuhlinzeka amalungu awo ngamathuba omsebenzi noma ngosizo oluthile kanye
nokuletha intuthuko emphakathini;
"ukwamukelwa ngokusemthethweni" kusho ukwamukelwa ngokusemthethweni
kwale mithetho nguNgqongqoshe;
"umbimbi lwemifelandawonye" kusho umfelandawonye owakhiwe
yimifelandawonye emibili kuya phezulu enamalungu amahlanu noma ngaphezulu
osungulelwe ukuhlinzeka amalungu awo ngosizo oluphathelene nokulungiswa
nokukhangiswa kwemikhiqizo yamalungu awo;
"i-MLRA" kusho uMthetho Wezilwane Zasolwandle, ka-1998 (uMthetho Nombolo 18
ka-1998);
"impahla noma izinsiza zokudoba ezingadingi ubuchwepheshe obusezingeni
eliphezulu" kusho impahla yokudoba izinhlanzi engambi eqolo, osekuphele
iminyaka ngeminyaka isetshenziswa yimiphakathi ehlala ngasogwini lolwandle,
njengodobo kanye nesisefo esingunoxhaka wokubamba izinhlanzi, kodwa lokhu
akubandakanyi ukudoba ngenethi, udobo olunolayini omude, inethi eyindingilizi
kanye nonoxhaka bokubamba izikhuphashe (lobster).
3
Inhloso yale mithetho
2.
(a)
Inhloso yale mithetho ukwenza lokhu okulandelayo—
ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi yabadobi abancane ithola ithuba elilinganayo
lokudoba izinhlanzi, ngaphandle kokwenzelela;
(b)
ukwamukela ngokusemthethweni ukusetshenziswa kwendlela egxile
kwizinhlanzi ezinhlobonhlobo ngenkathi kunikezwa abadobi abancane
amalungelo okudoba;
(c)
ukuletha uguquko ngenhloso yokulungisa isimo sokungalingani ebesikhona
esikhathini esedlule kwezokudoba; kanye
(d)
nokuxazulula inkinga yamazinga obubha aphakeme kakhulu, ukuthuthukiswa
kwenhlalo-mnotho kanye nokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele
emiphakathini yabadobi abancane.
4
Ukuhlonzwa, ukuqinisekiswa, ukubhaliswa kanye nokwamukelwa
ngokusemthethweni kwabadobi abancane kanye nemiphakathi yabadobi
abancane
3.
(1)
UNgqongqoshe kumele ahlonze, aqinisekise futhi abhalise
imiphakathi yabadobi abancane, kanye nabadobi abancane abahlala kuleyo
miphakathi, ngaphambi kokuthi kwabiwe amalungelo okudoba njengoba lokhu
kuhlinzekelwe kule mithetho.
(2)
Ngenhloso yokufezekisa umtheshwana (1) uNgqongqoshe
kumele—
(a)
ngokusebenzisa abezindaba kanye nesaziso esikhishwe kuSomqulu
Kahulumeni, anxuse umphakathi kanye nanoma imuphi umuntu oyingxenye
yalowo mphakathi ukuthi afake isicelo sokwamukelwa ngokusemthethweni
njengomdobi omncane noma njengomphakathi wabadobi abancane;
(b)
anikeze okungenani isikhathi esiyizinsuku ezingu-60 sokufakwa kwezicelo
ezibhalwe phansi ezivela emphakathini;
(c)
kungakapheli izinsuku ezingu-90 kudlule usuku lokuvalwa kwesikhathi
sokufakwa kwezicelo ngokwesigatshana (b), acubungule ukuthi ngempela
umphakathi ofake isicelo wumphakathi wabadobi abancane njengoba
kuchaziwe kwi-MLRA futhi, uma kufanelekile, amukele lowo mphakathi
ngokusemthethweni njengomphakathi wabadobi abancane;
(d)
ahlonze futhi abhalise umuntu ngamunye ovela emphakathini wabadobi
abancane ofake isicelo ukuze amukelwe ngokusemthethweni njengomdobi
omncane;
5
(e)
aqinisekise, ngokuvumelana nomphakathi wabadobi abancane futhi
ngokusebenzisa imigomo okukhulunywa ngayo kumtheshwana (3), ukuthi
umuntu ofake isicelo okukhulunywa ngaso kwisigatshana (d) ngempela
ungumdobi omncane;
(f)
ngokusebenzisa abezindaba, ashicilele uhla lwesikhashana lwabadobi
abaqinisekisiwe futhi anikeze okungenani isikhathi esiyizinsuku ezingu-30
ukuze umphakathi uthumele imibono yawo mayelana noluhla lwamagama;
(g)
emva kokushicilelwa koluhla okukhulunywa ngalo kwisigatshana (f) kanye
nokucutshungulwa kwezethulo ezifakiwe, ngokusebenzisa abezindaba kanye
noSomqulu Kahulumeni, ashicilele isaziso esiqukethe lokhu okulandelayo–
(i)
imiphakathi eyamukelwe ngokusemthethweni njengemiphakathi
yabadobi abancane;
(ii)
amagama abantu abamukelwe ngokusemthethweni njengabadobi
abancane;
(iii)
izindawo noma izifunda abangadoba kuzona abadobi.
(3)
Imigomo ezosetshenziswa ukucubungula ukuthi umuntu othile
ufanelekile yini ukwamukelwa njengomdobi omncane yilena elandelayo–
(a)
kumele kube ngumuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ohlala
emphakathini wabadobi abancane noma ozibona eyingxenye yalowo
mphakathi;
(b)
kumele okungenani abe neminyaka yobudala engu-18;
(c)
kumele kube ngumuntu onomlando omude wokubamba iqhaza emsebenzini
wokudoba, kubandakanya ukudoba izinhlanzi, ukulungisa noma ukukhangisa
imikhiqizo yenhlanzi, okungenani isikhathi esiyiminyaka engu-10; futhi
6
(d)
kumele kube ngumuntu oziphilisa ikakhulu ngomsebenzi wokudoba futhi
onobufakazi bokuthi sekuphele isikhathi eside ethembele emsebenzini
wokudoba izinhlanzi, okuwumsebenzi awenza ngqo yena ngokwakhe noma
umsebenzi owenziwa ngumndeni wakhe ngenhloso yokuzitholela okuya
ngasethunjini futhi ukuze akwazi nokwanelisa izidingo zakhe zokuziphilisa
eziyisisekelo.
Imifelandawonye kanye nokunikezwa kwamalungelo okudoba
4.
(1)
Ukuze kucutshungulwe isicelo samalungelo okudoba esivela
kubadobi abancane abahlanu noma ngaphezulu abamukelwe ngokusemthethweni
futhi abayingxenye yomphakathi wabadobi abancane, kudingeka ukuthi kuqala
bafake ngempumelelo isicelo sokubhaliswa njengomfelandawonye onamalungu
amahlanu noma ngaphezulu ngokulayela koMthetho Wezemifelandawonye, ka2005.
(2)
UNgqongqoshe uyonikeza amalungelo abadobi abancane
kumfelandawonye oyingxenye yomphakathi wabadobi abancane kuphela uma lowo
mfelandawonye–
(a)
ubhalisiwe ngokusemthethweni ngokulayela koMthetho
Wezemifelandawonye, ka-2005, njengomfelandawonye onamalungu
amahlanu noma ngaphezulu;
(b)
uzanelisile izidingo zemigomo okukhulunywa ngayo kumthetho (3); futhi
(c)
sewamukelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe njengomfelandawonye
wabadobi abancane ngenhloso yokwanelisa le mithetho.
7
(3)
Imigomo okumele yaneliswe ngumfelandawonye oyingxenye
yomphakathi wabadobi abancane yilena elandelayo:
(a)
Wonke amalungu omfelandawonye kumele kube ngabantu abamukelwe
ngokusemthethweni njengabadobi abancane;
(b)
alikho ilungu lomfelandawonye okumele libe namalungelo okungawalo
okudoba ngenhloso yokuthengisa;
(c)
umfelandawonye kumele ube nomthethosisekelo owamukelwe
ngokusemthethweni–
(d)
(i)
oqukethe ulwazi okukhulunywa ngalo kumthetho 7(1);
(ii)
onesakhiwo esihambelana nesikwiNcwajana Eyisijobelelo 1; futhi
(iii)
owamukelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe; futhi
uhlelo lokulawulwa nokuphathwa komfelandawonye wabadobi abancane
kumele kube wuhlelo olwamukelwe nguNgqongqoshe.
(4)
Awekho amalungelo abadobi abancane azonikezwa nanoma
yimuphi umuntu noma inkampani, ngaphandle komfelandawonye onamalungu
amahlanu noma ngaphezulu.
(5)
UNgqongqoshe, ngenkathi enikeza ilungelo lomdobi omncane,
uzobheka indlela elisetshenziswa ngayo ilungelo lokudoba, njengelungelo
likabhasikidi wezinhlanzi okumele utholwe ngumfelandawonye othile.
(6)
Umfelandawonye uzonikezwa ilungelo lokuba
ngumfelandawonye wabadobi abancane isikhathi esingekho ngaphezu kweminyaka
engu-15.
(7)
Akuvumelekile ukuthi ilungelo lomdobi omncane lidluliselwe
kunoma yimuphi omunye umfelandawonye noma inkampani yezokudoba noma
omunye umuntu.
8
(8)
Alikho ilungu lomfelandawonye onamalungu amahlanu noma
ngaphezulu elivumelekile ukuzibandakanya kunoma imuphi umsebenzi wokudoba,
ngaphandle uma linikwe imvume yalokho.
Amalungu angeziwe emifelandawonye enamalungu amahlanu noma
ngaphezulu
5.
(1)
Omunye umuntu uvumeleke ukuba yilungu lomfelandawonye
wabadobi abancane okhona njengamanje uma sekuphele iminyaka emithathu emva
kokunikezwa komfelandawonye amalungelo abadobi abancane, kodwa lokhu
kuzokwenzeka kuphela uma–
(a)
umfelandawonye wabadobi abancane usuthumele isicelo esibhalwe phansi
kuNgqongqoshe sokuthi amukele ukufakwa ngaphansi komfelandawonye
komuntu ofuna ukuba yilungu;
(b)
umfelandawonye wabadobi abancane unikeza isiqiniseko sokuthi lowo muntu
uyanelisile imigomo yokuba ngumdobi omncane okukhulunywa ngayo
kumthetho 3(3);
(c)
lowo muntu ehlala kulowo mphakathi wabadobi abancane futhi ezibona
eyingxenye yawo;
(d)
lowo muntu ezanelisile izidingo zobulungu eziqukethwe kumthethosisekelo
wemifelandawonye yabadobi abancane; futhi
(e)
uma uNgqongqoshe ekwamukelile ukufakwa kwalowo muntu ngaphansi
komfelandawonye wabadobi abancane njengelungu.
(2)
(a)
Nakuba kunalokho okushiwo kumtheshwana (1),
uNgqongqoshe kungenzeka njalo ngonyaka acubungule futhi, uma kufanelekile,
9
amukele isicelo esivela kumfelandawonye wabadobi abancane sokufaka ilungu
elisha esikhundleni selunga lomfelandawonye eselidlulile emhlabeni noma
esikhundleni selungu elingasathandi noma elingasakwazi ukuqhubeka nokuba
yilungu lomfelandawonye.
(b)
Ilungu elingene esikhundleni selinye kumele kube
ngumuntu ohlala kulowo mphakathi wabadobi abancane futhi ozibona eyingxenye
yalowo mphakathi futhi kumele anelise imigomo yokuba ngumdobi omncane
okukhulunywa ngayo kumthetho 3(3) noma abe yilungu lomndeni welungu
eliphumayo kumfelandawonye.
(c)
Umfelandawonye wabadobi abancane kumele wenze
lokhu okulandelayo, ngenhloso yokufezekisa izinhloso zesigatshana (a)—
(i)
kumele uhlinzeke ngesitifiketi sokufa salowo muntu osedlulile emhlabeni
noma isitatimende esifungelwe esenziwe yilungu eliphumayo esichaza
isizathu sokuthi kungani lingasathandi noma lingasakwazi ukuqhubeka
nobulungu bomfelandawonye;
(ii)
kumele uqinisekise ukuthi ilungu elingena esikhundleni selinye ngumuntu
ohlala kulowo mphakathi wabadobi abancane futhi ozibona eyingxenye
yalowo mphakathi, futhi;
(iii)
kumele uqinisekise ukuthi ilungu elingena esikhundleni selinye liyanelisile
imigomo yokuba ngumdobi omncane, nokuthi liyilungu lomndeni womuntu oshonile
obeyilungu lomfelandawonye.
(3)
Umfelandawonye wabadobi abancane ungawachibiyela
amabhuku awo obulungu, kodwa lokho kumele kwenziwe kuphela uma
uNgqongqoshe eseyinikezile imvume eshiwo kumtheshwana (1) noma (2).
10
Amalungelo ezikhungo zokulungiswa kwemikhiqizo yenhlanzi kanye
nawombimbi lwemifelandawonye
6.
(1)
Umfelandawonye wabadobi abancane ongumfelandawonye
onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu ngeke unikezwe ilungelo lokusungula
izikhungo zokulungiswa kwemikhiqizo yenhlanzi, ngaphandle uma lelo lungelo
lizosetshenziselwa ukulondoloza imikhiqizo yenhlanzi.
(2)
Umfelandawonye obhaliswe ngokoMthetho
Wezemifelandawonye, ka-2005, njengomfelandawonye owumbimbi
lwemifelandawonye futhi owakhiwe yimifelandawonye yabadobi abancane,
enamalungu ayisihlanu kuya phezulu, emibili noma ngaphezulu unelungelo lokufaka
isicelo sokusungula isikhungo sokulungiswa kwemikhiqizo yenhlanzi.
(3)
UNgqongqoshe angalunikeza umbimbi lwemifelandawonye
ilungelo lokusungula isikhungo sokulungisa imikhiqizo yenhlanzi, kodwa lokho
kuzokwenzeka kuphela uma–
(a)
umthethosisekelo wombimbi lwemifelandawonye uqukethe ulwazi
okukhulunywa ngalo kumthetho 7(1);
(b)
uma umthethosisekelo wamukelwe nguNgqongqoshe;
(c)
uma uhlelo lokulawulwa nokuphathwa komfelandawonye wabadobi abancane
selwamukelwe nguNgqongqoshe; futhi
(d)
uma umbimbi lwemifelandawonye luzanelisa izidingo ezifanelekile zesicelo
sokusungulwa kwesikhungo sokulungisa imikhiqizo yenhlanzi okungenzeka
uNgqongqoshe adinge ukuthi zaneliswe.
11
(4)
Ubulungu bombimbi lwemifelandawonye buzonikezwa kuphela
imifelandawonye enamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu ephakela noma
ehlinzeka ngezinhlanzi umbimbi lwemifelandawonye.
Umthethosisekelo wemifelandawonye yabadobi abancane kanye nohlelo
lokuphathwa nokulawulwa kwayo
7.
(1)
Ngaphezu kokuthobela nokulandela uMthetho
Wezemifelandawonye, ka-2005, umthethosisekelo wanoma imuphi umfelandawonye
onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu noma wombimbi lwemifelandawonye
kumele ukubeke ngokucacile lokhu okulandelayo—
(a)
igama lomfelandawonye;
(b)
inqubo yokukhethwa kwamalungu esigungu esiphezulu kanye nobude
besikhathi sokuba yingxenye yesigungu esiphezulu;
(c)
imininingwane yamalungu kanye neyesigungu esiphezulu;
(d)
amandla esigungu esiphezulu okuthatha izinqumo;
(e)
imali ekhokhelwa ubulungu;
(f)
ukwabiwa komsebenzi okumele wenziwe;
(g)
amazinga omholo omsebenzi owenziwe;
(h)
ukwabiwa kwenzuzo;
(i)
inqubo yobunikazi kanye nokudluliswa kwempahla;
(j)
inqubo yokuthola amalungelo angeziwe;
(k)
izindlela zokuxazulula imibango;
(l)
izinyathelo zokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemigomo;
(m)
inqubo yokuxosha ilungu;
12
(n)
uhlelo lwamalungiselelo okudlulisa izintambo zokuphatha;
(o)
imigomo yokuqinisekisa ukuziphatha ngendlela efanele;
(p)
inqubo yokucwaningwa kwamabhuku;
(q)
ukubandakanywa kwabesifazane, intsha kanye nabantu abakhubazekile
(2)
Uhlelo lokuphathwa nokulawulwa kwanoma imuphi
umfelandawonye onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu noma umbimbi
lwemifelandawonye kumele lukubeke ngokucacile lokhu okulandelayo—
(a)
izinhlelo zokuvuna;
(b)
izindlela zokubika;
(c)
izidingo zokuqeqesha;
(d)
izidingo zokuhlinzeka ngosizo lokuthuthukisa;
(e)
izinyathelo zokugqugquzela ukufakwa nokubhekelelwa kwabesifazane, intsha
kanye nabantu abakhubazekile.
Amandla athile kanye nemisebenzi ephathelene nemifelandawonye yabadobi
abancane
8.
(1)
Umfelandawonye wabadobi abancane onamalungu ayisihlanu
noma ngaphezulu owenza umsebenzi wokuthengiswa kwezinhlanzi kumele wenze
lokhu okulandelayo—
(a)
kumele ngesizini yesibili emva kokunikezwa ilungelo labadobi abancane, ube
yilungu okungenani lombimbi olulodwa lwemifelandawonye olufake isicelo
noma olunikezwe ilungelo lokusungula isikhungo sokulungiswa kwemikhiqizo
yenhlanzi; futhi
13
(b)
uma sekhuphele isizini yesibili emva kokunikezwa ilungelo labadobi abancane
kumele uthengise izinhlanzi kuphela kumbimbi lwemifelandawonye
olunezimvume ezisemthethweni zokuba nezikhungo zokulungiswa
kwemikhiqizo yenhlanzi.
(2)
UNgqongqoshe kungenzeka ukuthi akhulule umfelandawonye
onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu kwisibopho sokuthengisa izinhlanzi
kuphela kumbimbi lwemifelandawonye, okukhulunywa ngaso kumtheshwana (1)(b)
kodwa lokhu kuzobekelwa umkhawulo wesikhathi futhi kuzokwenziwa kuphela uma
kunesizathu esiphathekayo sokuthi kungani umbimbi lwemifelandawonye luhluleka
ukulungisa nokukhangisa umkhiqizo wenhlanzi.
(3)
Umfelandawonye onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu
noma umbimbi lwemifelandawonye lunelungelo—
(a)
lokuba ngumfelandawonye okudluliselwe kuwona amalungelo okudoba
ngokwemigomo nemibandela ehambisana nalelo lungelo; futhi
(b)
lokuqasha nanoma imuphi omunye umuntu, uma amalungu omfelandawonye
engenawo amakhono adingekayo;
Indlela egxile kwizinhlanzi ezinhlobonhlobo
9.
(1)
UNgqongqoshe kumele amukele uhla kanye nesibalo
sezinhlanzi ezizokwabelwa lowo nalowo mfelandawonye wabadobi abancane
ngenhloso yokuthengisa, kanye nalezo ezizokwabiwa ngenhloso yokuthi abadobi
bazitholele okuya ngasethunjini, ngokulandela le migomo elandelayo futhi
ngokuvumelana nomphakathi wabadobi abancane:
14
(a)
Isicelo somphakathi wabadobi abancane sokudoba izinhlobo ezithile
zezinhlanzi ezitholakala eduze kogu lolwandle oluseduze kwendawo okuhlala
kuyona lowo mphakathi;
(b)
izinhlanzi ezitholakala endaweni esungulelwe abadobi abancane;
(c)
isibalo semifelandawonye etholakala kuleso sifunda encintisanayo ekudobeni
izinhlanzi ezifanayo ezitholakala kuleyo ndawo;
(d)
kumele athole ukuthi izinhlanzi zizokuthengiswa noma zizosetshenziselwa
ukuzitholela okuya ngasethunjini;
(e)
izinhlanzi ezisohlwini lwezinhlanzi okungafanele zithengiswe (iNcwajana
Eyisijobelelo 2) kumele zidotshwe kuphela ngenhloso yokuzitholela okuya
ngasethunjini, futhi akuvumelekile ukuthi zithengiswe;
(f)
izinhlanzi ezisohlwini lwezinhlanzi okungafanele zibanjwe (iNcwajana
Eyisijobelelo 3) akuvumelekile ukuthi zibanjwe;
(g)
lezo zinhlanzi umphakathi ocele ukuthi zifakwe ohlwini lwezinhlanzi
ezithengiswayo akuvumelekile ukuthi zisetshenziselwe ukuzitholela okuya
ngasethunjini;
(h)
imifelandawonye yabadobi abancane akufanele ibambe izilwane zasolwandle
noma izinhlanzi ezitholakala esizalweni somfula, ngenhloso yokuzithengisa,
ngaphandle uma lokho kuyingxenye yemibandela ebhalwe kwimvume
abanikezwe yona;
(i)
wonke amalungu omfelandawonye kumele abelwe ingxenye yezinhlanzi
ezisetshenziselwa ukuzitholela okuya ngasethunjini;
(j)
ukubanjwa kwezinhlanzi ezisetshenziselwa ukuzitholela okuya ngasethunjini
kumele kugcine kuphela kwimisebenzi yokudoba eyenziwa ogwini lolwandle;
15
(k)
izinhlanzi ezisetshenziselwa ukuzitholela okuya ngasethumjini kumele
zihambelane nezinyathelo zokulawula ezisungulwe ngabomkhakha
wokuzithokozisa nokungcebeleka (umkhawulo wesikhwama sokudoba,
umkhawulo wobungako nosayizi, amasizini avaliwe njll);
(l)
isibalo esivumelekile sezinhlanzi kanye nenani lamalayisensi kanye
nezimvume ezizokhiswa kuzoncika kwisibalo esiphelele sezinhlanzi
okuvumelekile ukuthi zibanjwe kanye nomzamo ophelele osetshenzisiwe
ozobekwa nguNgqongqoshe
(2)
(a)
UNgqongqoshe kumele abeke umkhawulo ophelele
wezinhlanzi okumele zibanjwe ngonyaka kanye nomzamo ophelele osetshenzisiwe
mayelana nezinhlanzi ezibanjelwa ukuthengisa esifundeni ngasinye emkhakheni
wabadobi abancane.
(b)
Izinhlanzi kumele zabelwe abadobi abancane
ngaphakathi kwale mikhawulo.
(3)
(a)
Ngonyaka wokuqala emva kokwamukelwa
kwemifelandawonye yabadobi abancane nguNgqongqoshe, imifelandawonye evela
emphakathini wabadobi abancane ofanayo kumele ixoxisane futhi ivumelane
mayelana nokwabiwa kwesibalo esiphelele sezinhlanzi okuvumeleke ukuthi zibanjwe
kanye nomzamo ophelele ozokwabelwa umfelandawonye ngamunye.
(b)
Isabelo sokuqala okuvunyelwane ngaso njengoba
kushiwo kwisigatshana (a), kumele emva kwalokho sisetshenziswe
nguNgqongqoshe esikhathini esizayo ukwaba izinhlanzi okuvumeleke ukuthi
zibanjwe ngabadobi abancane ngonyaka kanye nomzamo ophelele
ongasetshenziswa esifundeni ngasinye.
16
(4)
Uma imifelandawonye ihluleka ukuvumelana ngokwabiwa
kwezinhlanzi okuvumeleke ukuthi zibanjwe ngabadobi abancane kanye nomzamo
ophelele ongasetshenziswa esifundeni esifanayo, uNgqongqoshe kumele abeke
isabelo ngokubheka lokhu okulandelayo–
(a)
ukufinyelela komfelandawonye kwizinhlanzi;
(b)
umlando wokuzibandakanya kwamalungu omfelandawonye ekubanjweni
nasekusetshenzisweni kwezinhlanzi; kanye
(c)
nokuthi kuyinto engenzeka yini ngokwezomnotho ukubanjwa
nokusetshenziswa kwezinhlanzi ezikhona kuleso sifunda.
(5)
Umfelandawonye wabadobi abancane uvumelekile ukucela
uNgqongqoshe ukuthi akhulise umthamo kabhasikidi wezinhlanzi ezabelwe lowo
mfelandawonye.
Izindawo ezabelwe abadobi abancane
10.
(1)
Ngenkathi esungula izindawo lapho bengadoba khona abadobi
abancane, njengoba kushiwo kwisigaba 19(1)(a) somthetho we-MLRA,
uNgqongqoshe kumele athathe isinqumo ngokuvumelana nomphakathi wabadobi
abancane, futhi ukuklanywa kwendawo kumele kususelwe kwisizathu noma isimo
esifanelekile, njengokuhambahamba nokufuduka kohlobo lwenhlanzi ngalunye
kubhasikidi wezinhlanzi owabiwe, kanye nokuthi izinhlanzi ezigxile endaweni eyodwa
zidinga ukuklanyelwa indawo encane uma kuqhathaniswa nezinhlanzi
ezihambahambayo noma ezifudukayo, okuyizinhlanzi ezidinga ukuklanyelwa indawo
ebanzi.
17
(2)
UNgqongqoshe kungenzeka asungule izindawo
ezahlukahlukene ongadoba khona umfelandawonye onamalungu ayisihlanu noma
ngaphezulu.
Izinhlaka zokuphatha ngokubambisana
11.
(1)
UNgqongqoshe kumele asungule futhi aqoke amalungu
amakomidi okuphatha ngokubambisana ezingeni lendawo, lesifunda kanye
nakuzwelonke.
(2)
Inhloso-ngqangi yamakomidi okuphatha ngokubambisana
ukuhlinzeka ngendlela ezokwenza ukuthi uHulumeni nomphakathi wabadobi
abancane noma iqembu lemiphakathi yabadobi abancane babelane ngomsebenzi
negunya lokuphathwa nokulawulwa kwezinhlanzi okuzokwenziwa yilowo mphakathi
noma imiphakathi.
(3)
Amakomidi okuphatha ngokubambisana kumele alekelele
uHulumeni ekusunguleni amasu nezinyathelo zokuphatha futhi alekelele
ekuqalisweni kokusebenza kwezinqumo zokuphatha emiphakathini yabadobi
abancane.
(4)
Amakomidi okuphatha ngokubambisana kumele abandakanye
amalungu emiphakathi yabadobi abancane, izikhulu zikaHulumeni kanye nanoma
yibaphi abanye abantu abathintekile emisebenzini yabadobi abancane.
(5)
Ikomidi lokuphatha ngokubambisana kumele likhethe usihlalo,
iphini likasihlalo kanye nonobhala, futhi laba akufanele baphathe isikhathi
esingaphezu kweminyaka emithathu.
18
(6)
Ikomidi lokuphatha ngokubambisana kumele lisungule inqubo
ezolandelwa emihlanganweni yalo.
(7)
UNgqongqoshe kungenzeka acele ikomidi lokuphatha
ngokubambisana ukuthi limhlinzeke ngolwazi aludingayo ngenhloso yokulawula
nokusebenzisa i-MLRA emkhakheni wabadobi abancane kanye nasekulawulweni
kwale mithetho.
Izindlela zokuxazulula imibango
12.
(1)
(a)
Uma kuqubuka umbango phakathi kwamalungu
omfelandawonye wabadobi abancane, kumele kulandelwe izindlela zokuxazulula
imibango eziqukethwe kumthethosisekelo womfelandawonye.
(b)
Akuwona umsebenzi kaNgqongqoshe ukuxazulula noma
yimuphi umbango okukhulunywa ngawo kwisigatshana (a).
(c)
izindlela zokuxazulula umbango okukhulunywa ngazo
kwisigatshana (a) akufanele ziholele emcabangweni wokuthi kumele kube nombiko
othunyelwa kuNgqongqoshe noma kuthunyelwe isicelo sokudlulisa isinqumo
esiphathelene nombango wangaphakathi.
(2)
Ngenhloso yokuxazulula noma yimuphi umbango ophakathi
komfelandawonye wabadobi abancane nomunye umuntu ongelona ilungu
lomfelandawonye, uNgqongqoshe kungenzeka ahole inqubo yokuxoxisana
nokubonisana ngenhloso yokuxazulula umbango, noma inqubo yokuqinisekisa
ukuthi kukhona izinyathelo ezithathwayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umbango
uyaxazululwa.
19
Ukuthotshelwa komthetho
13.
(1)
Izimiso zesigaba 28 se-MLRA, eziphathelene nokuhoxiswa
noma ukuguqulwa noma ukuncishiswa kwelungelo, ilayisensi noma imvume,
kungenzeka noma nini zisetshenziswe kunoma imuphi umfelandawonye
onamalungu ayisihlanu noma ngaphezulu noma umbimbi lwemifelandawonye
eyenza lokho okushiwo kwisigatshana (1) saleso sigaba.
(2)
Umthethosisekelo womfelandawonye onamalungu ayisihlanu
noma ngaphezulu noma wombimbi lwemifelandawonye kumele usibeke ngokucacile
isinyathelo okumele sithathelwe ilungu lomfelandawonye eliphule izimiso ze-MLRA
noma eliphule le mithetho.
(3)
UMqondisi-Jikelele kumele, ngaphandle kokuchitha isikhathi,
aziswe mayelana nanoma iliphi ilungu lomfelandawonye eliphule izimiso ze-MLRA
noma eliphule le mithetho noma elilahlwe yicala ngokwemigomo ye-MLRA, futhi
aziswe mayelana nezinyathelo ezithathwe ngumfelandawonye zokujezisa ilungu
eliphule umthetho.
Isihloko Esifingqiwe
14.
Le mithetho ibizwa ngeMithetho Ephathelene Nomkhakha Wabadobi
Abancane, 2014.

Documentos relacionados

mancom mtg 19 november 2001 - KZN Clothing Industry Provident

mancom mtg 19 november 2001 - KZN Clothing Industry Provident eziyodonswa eholweni lomsebenzi othile osedlulelwe Yisikhathi Esejwayelekile Sokuthatha Umhlalaphansi, ngaphandle-ke uma lowo msebenzi ezikhethele yena ukuthi ufisa ukwelula isikhathi sakhe sokuseb...

Leia mais

link

link • Uma usola ukuthi une-TB. SEBENZISA AMAKHONDOMU – ngaso sonke isikhathi sebenzisa ikhondomu kumzuliswano ngamunye wocansi olwenziwa (ngesitho sangasese sowesimame, isitho sangemuva noma ngomlomo)...

Leia mais