AD843-O21-5-002-jpeg - Historical Papers

Transcrição

AD843-O21-5-002-jpeg - Historical Papers
Musa ukungikhohlisa. Kungenza karyani tikuoa abelurgu okuyioona
aoasifundisa ngo Jesu baze basityela ukuthi umtnetno waKne uthi "yenza
I o k o komunye ofuna kwenziwe kuwe", ukuDa Kube yioo namhla aoasil'ujuaisa
ukuthi konke loko kwaku amattga nje, bona Dasenako ukvvenza kw&banye
loko abangeke bavume kwenziwe kuoo?
Wezwa ngcbani ukuthi umlungu uyakholwa ukuthi umuntu omnyama
ungu=muntu naye?
Lendaba yona iliainiso ngempela futhi isiphumelele
nase^Palamendeni, ngaloko isi^umthetho omile khathilesi.
Konje ngaDe baqondeni abelungu iigaloko? Umoya wami nee ngizwa
xije unginika ukuthi kukhulu aueiungu abakuqonae ngatni okungskuhle.
Ake ulalels phela. Kuthe ukuba kubulawe inkatho yabantu base
Koloni, kwase kufakwa esinye isingeniso somthetho okuthiwa sizothasiseIwa umhlaba kulemihlaba ekhona. Kuthiwa sizovu.lelwa amamokolc ayizigidi
f\>
#
ezimkhothi nesigamu sesine.
Kwangathi kur^cono. Pho uhlushwa yini uma kanti uHulumeni uzosivuiela umhlaba? Ungakhonxwa ukutni tnina bantu sil'una umhlaba ngapnezu
icwezinto zoiuce. Uma uHulumeni ethi u^osinijcela. umhlaoa sizithciigele
W 0ij.a, iigioona. songathi aicuicno lutho OKhod.a ng~jfo.
Benghazi ukuthi uzokusho ryalo, ntanga. Akuwe wedwa oca’
oanga
njalo. Mina ke ngithi; "^oyicela ivuthiwe". Abantu laba kayashesha uku~
khohlwa. Angithi ngo 1913 semukwa ilungelo lckuthenga umhlaba kuthiwa
kuzodatyulwa izindawo esoba nako ukuthenga nokuqasha k u z o . K w a ze kwa~
Str
khethwa indoda uMs*. Baumont ukuba kube iyo emisa imihlaba okufanele
sivunyelwe ukuyithenga.. Umbiko ka Ejaumont wafike wachithwa iPalamende^
abelungu bengavumi ukwehlukana nemihlaba yabo. Ngemva kwaloko kwakhethwa abanye abelungu ukuba nabo baveze leyo mihlaba. Eawo umbiko wawo
wafike wachithwa iPalamende, abelungu ^asusa esikhulu $sidumo somsindo
bethi uHulumeni ufuna ukuthatha imihlaba yabo ayinike abantu. Ake usho
ke wena onethemba lokuthi uzouthola lomhlaba ozokhululwa, ukuthi uHulumeni uzoythathaphi namhla umhlaba azounika thina? Sebafa yini abelungu
n ^fo ftfH
abala nemihlaba yabo? Abanjani laba abazovuma ukwehlukana nemihlaba
yabo ukuze indlu emnyama ibe nckuda.tyulelwa/
Bengitni uthi iPalamende selinquiidie ukutni sizothola amamokolo
ayizigidi ezi^nkhothi? Ucabanga ukuthi iPalamende ingen^a umtnetno kanti
izowepnula yona ngokwayo na?
Uphi umhlaba okwathiwa sodatyulelwa wona ngo 1913? Angithi
amadolobha. agcwele abantu bakithi ngenxa yalowo rathetho owadudula
abantu abanengi emapulazini ababephila ngezahlulo nangezinye izindlela? Angithi sasithenj isv/e phansi komthetho yika 1920 ukuthi
iPalamende ngeke ifake umthetho omusha ingazange izwe ukuthi thina
sithini ngawo? Namhla kurganii Baz'enzela rye, abanaki nokuthi ukhona
ci*
lowomthetho ab^wenzayo bona. Kungabe kuveleni entya namhla engase
ibenze abelungu bagcine izwi labo na?
Likhulu lelo. UkuDona kan re ukuboria. kaDili. Pho,yini ukuba
sing-lindi sibone ukutni umhlaba uyavela noba av/uveli na?
Ungikhumbuza inkulumo enye yabelungu ethi/ kusizani ukuvala
isitebele ihashi selebiwe.^Uthi wena kuhle sihlale kuthi uraa isif\
sesisijsindezele kube ikhona sijubalazayo.1 An ^ik^zwa neze lapho. Futhi
ngabe k u ^ o n o ukuba ikho loko kodwa.
Okunye yini futhi?
Kuthiwa kulomthetho wamazwe os ewenziwe,bonke abantu aba~
khonze imapulazini,bengesizo izisebenzi, kuhle basuke bonke. Banikwa
iminyaka eyishumi yokuba basuke uma abelungu bamapulazi bengavumi
ukuba thathela ilayisense ka * 5 ngonyaka. Lemali yelayisense iaala
ngo 10/- ngonyaka iye ikhula njalo ize ifike ku 15.
Ilayisense le eyani?
Yenzelwa ukuba kungabikho mlungu o^cina izikhonzi epulazini
lakhe. U-Hulumeni uyazi ukuba akakho umlungu ozoyikhipha leyc mali
noba sekunjani. Kofuneka akukhiphe epulazini. Awuboni yini ukuba isu
lokuxosha abantu emapulazini?
\
j^
Lajpantu uma oexosnwa emapulazini oosiwaphi njengooa ka_uti
nalomhlaba okuthiwa si^odatyuieiWit wona awukho nje? Ngisho ke ngooa
sonke siyazi ukuthi kulezindawo aoantu aoanazo sekugcwele. Bane.ogi
aoantu aoaxig-asejixaijiiasxrau okuliwa. Sekuyiuona aoaknaia ngomhlaba kakhulu
Laoa ke auaaoxosnwa ernapula^mi ba^osiwaphi?
Kusobala ukuthi uHulumeni akaqondile ukuba babe nezindawo
abosiwa kuzo. Uzukhumbule ukuthi abelungu abanengi bamapulazi bakhala
ngokuthi baswele izisebenzi. Loko kuswela kwabo izisebenzi kwenziwa
ngoba abafuni ukubaholela abantu imali uma besebenza emapulazini abo,
A
noma bebaholela abafuni ukuba nika imali engase ibaphilise abantu.
Ukuze bazithole izisebenzi ezingasoze zifune imali enkulu ngomsebenzi
wazo, ubone uHulumeni ukuthi kuhle abantu b a x h o ^ e l w e kulezindawo
ezikhona ukuze bangakutholi ukulima nokuziphilisa khona kothi sebe
dudulwa indlala naukuswela nokuntula baye kuzifaka emapulazini abelungu sebengasaboni sebengasenawo namandla okukhuluma ngeholo uma
umlungu engavuma ukuba nika ukudla nendawo yokuhlala. Isu elokuba
abantu badingiswe khona bovuma ukusebenzela abelungu bamapulazi
bengaholi lutho.
Ukuthi ke akusaf'uneki nokuua sifuye impahla?
Ukhulumani wenai Lomthetho uthi uma unezinkabi umlungu
wepulazi wobanako ukuzisebenzisa, alime ngazo enze akuthandayo ngazo.
Okusobala ukuthi nobisi lwezinkomo zakho uranini pulazi usenekuluthatha ondle izingane zakhe ngalo. Umthetho awusho ukuthi umnini pulazi
wobanako ukuziqasha izinkabi zakho. Uthi uzoba nelungelo lokuzi
sebenzisa.
Ake usho, lomthetho uthi umuntu osebenza epulazini woholani
ngomsebenzi wakne?
Awukhulumi lutho ngeholo. Kodwa unika umnini pulazi ukuba
abe nemizi emihlanu yabantu. Isivumelwano sokusebenza epulazini senzi
wa indoda kanti sibopha nabantwana bayo. Loku kusho ukuthi indoda
izosebenza epulazini kanye nomfazi nabantwana bayo. Uma indoda inesithembu, izele abantwana abanengi, bonke labo bantwana koba izimbamgodi nezigqili zalomnini pulazi kanye namakhosikazi ayo.
Pho leyomizi kuxhiwa yophila kaigani?
U-Hulumeni akanandaba nokuphila kwayo. Ilowo mlungu wozibonela angayondla ngako njengoba nezinja uyazifuya kube uwe obona
ind-lela yokuzondla. Mhlaumbe bolinyelwa isivande.
Ukuthi impela sizoba izigqili ukusuka maiye. Ngiuona ukutni
okuncono ukuba sifane sitnutne emapulazini size emadolouneni ugoua
khona noma singautuoli uinsebeuzi abafazi b&sexioku sii^ utywala ba~
tnengise.
We mamel
Uyadlala umuntu okhuluma ngabelungu ! Sebeyali-
vala lelo sango, ntanga. Akusekho muntu ozovunyelwa ukuba eze edolobheni ngaphandle kwalabo ababizwa ngabe lungu babo. Ingani nalabo
abasemadolobheni abangasebenzi phansi kwabelun.gu bazokhishelwa nga­
phandle.
Usho ukuthini uma usho iijaioY
Ngisho loku. Kulomnyaka odlule uHulumeni ubekhethe amadoda
amabili ukuba ahlole isu elingenziwa lokuvimbela abantu ukuba bangabe
beseza emadolobheni, nesu abangakhishwa ngalo labo abasemadolooheni
bengasebenzi phansi komlungu. Lawo madoda aseuqedile umsebenzi wawo,
marge uHulumeni usezimisele ukuthi kule Palamende ezayo ekhiphe. uirr
thetho wokuvimbela abantu ukuba bangezi emadolobheni nokuxosha labo
abangadingeki khona. Uma lowo mthetho ungaphumelela akusekho muntu
oyosala lapha edolobheni neze.
Kungenzeka kanjani uKuba abantu jaknisnv.e emadolobneni,
imisebenzi yabelungu ingema kanjani oengekho abantu na?
Wake wayizwa into ebizwa ngokuthi i"White Labour Policy"?
Ake ngikulandise kancane. Isu lika Hulumeni elokuba amadolobha kube
izindawo lakuhlala khona abelungu kuphela nalapho kosebenza abelungu
kuphela. Angithi uyabona ukuthi imigwaqo isimbiwa abelungu, nezinqola
zase Leliwe sezishayelwa abelungu? Iqiniso elokuthi yonke imisebenzi
ekhona emadolobheni izosetyenzwa abelungu. Engani sebeqalile ukubanga umsindo ngabantu abasebenza emakhishini okubonakala ukuthi
nakhona kufuneka abelungu. Uzobona ke ukuthi nalaba okuthiwa oazosala
bazobamba nje ngesikhathi kusafundiswa abelungu imisebenzi ebeyenziwa
abantu. Ocabanga ukuthi yena wosala ngoba bayezwana nomlungu w a k h e ,
ubambe iphutha ngikutyele, ntanga.
Lend&ba ukuoa ngiyizwa kanle ingiDonisa ukutni lomhlaba
okuthiwa sizodatyulelvva wona, uma woze ubekhona, udaka nje esibhencwa
ngalo emehlweni. Kusobala ukuthi sonke sizoxhooelana kulezinoawo,
khona kot,ni ngokunt-ula. siph ena.uk e iziinoa~mgodi sonke. Abelungu babo~
nile ukuthi induku okuiuneka basishaye ngayo indlala noicuswela ukuze
oasixnole lula.
Impela-ke. Wena njengomuntu walapha eGoli uyazazi izimba~
mgodi zabafazi abathengisa ngotywala.
.Ngivama ukuKuzwd
I oko
ukuthi Kuknona
omcidocici a y l ^ i u j u a - m y o a i
z^oai&zi, Kodwa ngingazi ukuthi aoantu auaigani. M e ungityeie.
Lapha eGoli uma ungathi kumnumzane uyisimba-mgodi ungabe
umethuke ngentlamba eyeqa ikhanda. Isimba-mgodi umuntu uyisiyathanga
nje engingathi umuntu osefile ngoba engasenayo ingqondo, ongqondo
eseyabulawa utywala, waphelelwa ubuntu bonke, ophila ngokuba athole
indawo yokulala nokudla kanye notywala. Okuthi uma inkosikazi leyo
ibanjwa ngotywala kube uye oya ejele ukuyosebenza uma inhlaulo
ingekho. Kuthi rahla ebuyayo, inkosikazi imthengele igabha lotywala
bese ubiza izihlobo zakhe ngoba phela engimnumzana lelo langa. Angitni
i
uyabona ukuthi umuntu onjalo ungaphogu-Ln kwesigqili?
Yebo, ngiyezwa. F u t m nee ngiDaeKile rye Kusouala impeia
ukutni aDelunju abasenzi uaiitu n e z e . Serjgiyctiibona. eiakno elitni,
lata, elinle kakhulu. Weuj krai abantu bakitlii ooza oakubone yini ioku
esikuDonayo thina? Kodwa umuntu oneg^ondo angake azibuze ukuthi kociwa
kwakumkhuba muni ukuba thina zinkulelwana. zalelizwe kui'uneke uma
sihamba besithwele amapaasi, sitneiiswa kodwa leyomali singayazi ukuthi
isiseoenzelani, kungafuneki ukuba. sihambe ngezikhathi ezithile singenazo isipeshele, kuthi urna sifuna ukuyosebenza ezimoyini kufuneke
sithathe izibhalo. Sekufika i z m t o ezinengi kimi marge engibona kahle
impela ukuthi lendaba esiyixox^yo ingamaqiniso. zonke ic^into zingibonisa ukuthi kade lomgibe wabekvva. Ubulima obethu ukuba singavfllboni
sonke lesikhathi. Nalo wokugcina angiknolwa aoairLu o a k i t m ooz-e uauoone njengoua siwubona ttima.
Ngiyajabula uma nawe namhla uvuleke amehlo. Besiyizimpumputhe
sonke lesikhathi. Namhla kukhanya ngokunye. Kazi impela kobakhanyela
yini a b a n y e . Inqaba eyedlula zonke ukuba thina ndlu emnyana sibanengi
kabi kunabelungu. Kubalwa amakhanda amahlanu abantu phezu komlurgu
oyedwa. Kodwa noko lamakhanda amahlanu ehlulwa ikhanda elilodwa. Uma
ngicabanga ngiye ngimangale ukuthi ngabe kwenziwa yini ukuba sife
sonke ngalendlela, kungabe kusaba khona noyedwa ongasihola lesizwe
sakithi sikubone ukukhanya.
Mina ngitaona ukuthi mhlaumbe isizwe iesi sakitni sioulawa
isu uHulumeni aienza iokuba aseiuuke amaKhosi ezwe laxitni okusekuyiwo
marye amap'noyisa akwaHulumeni. Ukuba amaknosi oeku ngauantu auaknonza
isizwe mhlauiiibe bekoba ncono.
Angikholwa mina ukuthi isono ileso. Amakhosi abantu nawo.
Abengeke asilahle isizwe uma besihlangene. Isiphosiso singaba nje
eqinisweni lokuthi wona ngokwawo awanayo inhlangano yokuzilungisa
lezinto. Kulapho uHulumeni awaphakula khona. Ngibona ukuthi sibulawa
abaholi laba esinabc abanengi kangaka, abangasafuni nckukhelana
amanzi. Uma bekungenzeka isu lokuba thina bantu siyeke ukulandela
abaholi laba, kodwa sizifundise ukulandela amaqiniso odaba, sikholwe
kuloko esihlangana ngako, singakholwa kubaholi, nasezinhlanganisweni
ngap handle kwalezo esikuzo, mhlaumbe kolunga.
Ngiyavumelana aawe ngendaba yabaholi kodwa^ngivumeiani nawe
uraa uthi kuhie sikholwe ilemihlangano esiKuyo, ngoba uma kunjalo koiuneka sice abantu abangacabangi lutho. Uma ubuthi kuhie siiandele amaqiniso
aloiso okunokasihlaogaaisa mina bengizozwan*, nawe, ngesizathu eokuba
kusenokwenzeka uKuba sehlukane ngezinhlanganiso ezibangisanayo kanti
thina siyezwana odabeni oluthili. Avmboni yipi uiCu.thi i-giimo lilr.phA
ukuthi kuhie singaxabani ngezinhlanganiso Kodwa sifune lapho sinokuzwana
khona, kube kulapho sinok'Jaambana ngezandla.M-a-^?
Uqinisile. Izinhlangano ezinengi azisizi lutho, kodwa kusenokwenzeka ukuba inhlangano esikuyo ingaliboni iqiniso lenye inhlangano
kanti ilona elopijiilisa izwe lonke. Ngaloko ke sinokulahleka uma sikholwa
izinhlangano. Liina ngibona ukuthi kuhie sifune iqiniso siiandele Iona
kuphela uma linokusisindisa isizwe sakithi.
Kuzwake. ike ufunde ngaraasonto. Ucabanga ukuthi abantu laba
basakholwa ulikulunkulu? wgeke. i%enxa yamasonto .abakholwa ikho itakhulu
igama lesonto lelo abakulo nakumlundisi lowo walo. U-Nkulunkulu abasenandaba naye Kangako. iioakufunayo ukuba balfndele abaiundisi noma sebephosisa kangaka nani. %iyadabuka ngoba abantu bakithi abakasifundi
kuka
isiNgisi. Bengothi kuhie bafunde indaba yokuphuma/i*Martin Luther e
tfoma ukuba baqonde ubulima bokulandela abaholi kuneqiniso. Isizwe
sakithi sifuna iqiniso ngaphezu kwabaholi, siliqonde kahle ukuze sibe
nako uKuhlangana ngempela.
Iqiniso okufuneka abantu bakithi balilandele baliqonde ukuth
-i ngalemithetho esenzelv/a yona abelungu bafuna ukusenza izigqili zabo
nokuba thina singalitholi nelilodwa ilungelo kulelizwe lakithi. Njengo­
ba abadala bakubona kusekude baze basifundisa ukuthi isilo sehlulwa
ukuhlanganyelwa, kufike isikhathi sokuba silahle konke ukuphikisana
sibophane ngantambo-nye sonke. Ukuba abaholi bakithi bebekwazi ukwenza
bebokhipha abantu bokushumayela phakathi kwethu basibonise lezizinto.
iingisho ukuthi bahambe bemema imihlangano ngoba loko ^kwenzi ukuba
abantu baqonde kahle, ngisho ukuthi bangene emakhaya ethu basishumayezf
kahle benze silithole sonke leliqiniso siyibone sonke lengozi. AngikhoIwa mina ukuthi abantu bakithi baseyiziphukuphuku kangako ukuba bangaba
nesibindi sokuhlala nje uma belazi iqiniso. Kambe amandla eqiniso
angangamandla oMoya ka Nkulunkulu kumuntu eselimungenile. Nanto izwi
elikhulu engilibonayo mina.
i-boJvILI »
Ake usho. Ngafce lisa lini ngempela abangasenza izigqili zabo
ngalo?
Ukaze azwe kahie kuhle ngikulandise ngenuaba eke yathethwa
inkantolo yase Ladysmith (knambithi) ngapha ngase Natali. Cmunye
U/TH-
umnzumane khona ubehlala epulazini lomlungu okwathi ngemva kwesikathi
lowomlungu walithengisa komunye. Lo owathenga lelo pulazi kuthiwa
uKeid onenkoeikazi ekhuluma isiZulu kahie. Uthe nee uKeid efika khona
washaya owakhe umthetho wokathi kuhle abantu abasepulazini lakhe
bakhonze ngokuvumela abant?/ana babo bazosebenza kuye. Nembala ke lo
mnumzane wakithi kanye nabanye bakuvuma loko. Kuthe kunjalo lomlungu
wafuna ukuba abanye abantwana bakhe ababili, intombazana nomfana,
bona bazosebenza ethembisa ukuthi wobaholela u5/- ngenyanga emunye,
ngoba phela ubesebakhiphile abanye akhonza ngabo. Basebenza labantwana
kwaze kwaphela izinyanga umlungu eloko ethembisa ukuthi uzubaholela.
Kuthe sebexabene, lomnumzane watmiangalela umlungu efuna imali yeholo
labantwana bakhe. Kuthe nee kuthethwa icala umlungu wathi yena akabaholeli abantu abahlala epulazini lakhe kodwa uxuna ukuba bamsebenzele
njalo, abanezinkomo bavurne azisebenzise. Ongafuni ukukwenza loko kuhle
aphurne epulazini lakhe kanye nomuzi wakhe wonke. .Vakukhanyisa kahie
umlungu ukuthi abantu abakhonze epulazini lakhe abaholi lutho kodwa
bathola izivande ukuba balime kuzo ukuze bathole ukudla, kuthi urna
bengakutholanga abanike ukudla uma bezokukusebenzela ngezikhathi ezithi
-le, Kuzwaka^ukuthi imantyi yaze yathi iyamangala, futhi iyaqala ukuzwa
ukuthi kanti abantu la emapulazini basebenza bengaholi. Mina ke ngiyakwazi ukuthi iyona ndlela abantu abanengi abasebenza ngayo emapulazini.
Bheka-ke ukuthi lezinto zenzeka aamhla abantu abanengi besenako ukuza
emadolobheni ukuzosebenza nokuzohlala. lima sebevalelwe njengoba usho
lomthetho omusha ozokwenziwa, uma nabantu emapulazini sebexoshiwe,
sonke sesixhobelene kulezindawo okuthiwa asiye kuzo, ngiyesaba songathi
indlela yethu yempilo izobambi ngaphezulu.
Ake sibuyele kuleli lakho loivuthi abantu bazoxoshwa ema­
dolobheni. Kambe ubona ukuthi abelungu bangavuma ukwehlukana nathi
sibasebenzela kangaka ngemali encane kangaka?
Angithi izisebenzi
zabelungu zizoiuna imali engaphezulu kulena esiyiholayo thina na?
Engikubonayo mina iloku. Kuzothi kungaphuma umthetho osixo-
sha emadolobheni, kuzovela abelungu abanengi abazosuswa idumela lokuthi
fir
umsebenzi uvulekile ema^Lobheni, abantu abasekho,
Nee sebefikile la
edolobheni bafica kusekhona abantu abangekaxoshwa, bese kwenzeka okwenzeka kulonyaka odlule, mhla uliulumeni alikhipha ngokusobala lokuthi
kuhle abelungu bakhiphe abantu emsebenzini kungene abelungu. Loko kobe
sekuwumthetho abaninimisebenzi abomelwa ukuwuhlonipha noma bengathandi.
Phela izwi labo elikhuluilithi amaaolobha izindawo zabelungu njengoba
besengikutyelile.
Mhla abantu bephumayo emadolobheni abelungu bosebenzela leyo
mali ebiholwa yithi. Okwaraanje, ngenxa yethu uHulumeni uohithekelwa
irnali enengi ngalabelungu asebethethe imisebenzi ebeyenziwa yithi thina
bantu.
r
OL
Usho uKuthi^uma usho njalo?
Ha,be, kanti awazi yini ukuthi kwathi nee uHulumeni ethi kuhle
imisebenzi yonke yenziwe abelungu, benqaba abakwa Mansipala nabanye
abelungu, bethi ngeke babe nayo imali yokuholela abelungu ngomsebenzi
wabantu. Kwaseku vunyelwana ukuthi kuhle babaholele leyomali ebiholwa
abantu, uHulumeni yena uzokhipha enye ukugcwalisa. Loku ukuthi, bekuthi
uma abantu bebehola o 0/ 66. ngelanga kufuneke oMansipala bakhiphe yena
u 3/6d bese uHulumeni ekhipha oraunye u 3/6d ngelanga ukuze abelungu
bahole 7%- ngelanga. Uma singahamba, nabo abelungu abayizisebenzi ngeke
bace besahlupha, bohola leyo mali nathi ebesiyihola, njengoba kunjalo
eNgilandi nakwamanye amazwe la kukhona abelungu kuphela. Uzobona ke
ukuthi kumfanele uHulumeni ukuba alwele ukukhishwa kwabantu emalobheni
A
khona kuzoncipha izindleko kusinde nalemali ayichitha ngokusetyenziswa
kwabelungu abemba imigwaqo nabashayela izinqola zempahla ephuma ezitimeleni.
kwakhanya ke manje nakimi. Kodwa kuseichona okungihlupnayo kancane.
Uma Kanti kuzokhuthaswa abelungu abaseuaapulazini UKuba Kube ibona abezo
sebenza emadolobheni, kolima obani kanti?
Awuboni yini ukuthi ilonasu elikhulu lokuveza izigqili zoKusebenza
aSapulazi uma kuxoshwa abantu emadolobheni nasemapulazini ukuze kusale
labo emapulazim a^oya ngoba sebengasazi abanokukwenza). Okunye futhi
ongamelwe ukukukhohlwa iloku kokuthi kuyafuneka ngamanala ukuba izindleko
zabelungu bamapulazi zinciphe kakhulu ukuze babenako ukuthengisa ngeziiimo
zabo ngemali ephansi kanti leyomali ingenisa inzuzo. ^ke ngikukhanyisele
ngendaba yokuthergiswa kombila. Kuleminyaka edlule lelizwe lakithi belinombila omnengi. Kwafuneka ukuba uthunyelwe pesheya ukuyothengiswa khons
Imali ebekufuneka uyithole phesheya yasuke yancane kabi ngenxa ngoba
kukhona amanye amazwe athumela umbhila khona ngemali ephansi kabi.
Ukuze abalimi balapha babenokuthola inzuzo entle uHulumeni wanquma
ukuthi yongezelelwe leyomali ukuze umbhila wabo uthole banzana. Lokhu
kusho ukuthi uHulumeni uzolahlekelwa imali enengi uma ezo khipha imali
yokusiza amanani ombhila wabalimi balapha. Kodwa uma abalimi bengathola
izisebenzi ezingezi kuhola lutho, kokwenza ukuba abalimi bathole umbhi­
la omnengi bengangenanga ezindlekweni, ukuze babe nakho ukuthengisa
ngamanani aphansi kanti ayababuyisela kakhulu. Uma engaphumelela uHu­
lumeni ukuba thina sidudulwe siyosebenza amapulazi singaholi lutho,
lemali ayikhipha ukusiza abalimi ukuba umbhila wabo ubuyise inzuzo
enkulu ingeke idingeke. Senziwa iladi lokukhwela abalimi abamhlophe
balelizwe, ezethu izingane zibe zifa indlalar namakhaza, zingenakho
nokuya esikoleni.
Uthi kodwa soze siphume kuloludaka?
Kukithi ukuphuma nokubisha kulona uma siyavuma. Mina kungikhanyela kahle nje ukuthi uma sonke singayibona lengozi sizimisele
ukuthi ngeke singene k u y o r akukho mandla phansi kwelanga angasenza
ukuba singene kuyo. Inkululeko nenhlala-kahle akuzange kutholakale
umuntu akuthole kuthwelwe ngembenge kungeyona inyama. Inkululeko
nenhlala-kahle kunje ngendlela eya ezulwini, athi uJesu inamatshe
inameva. Ukuze sikuthole koba khona phakathi kwethu abolahlekelwa
impilo yabo, abanye baye ejele. Umhlangano iwona onika isibindi nomdlandla. Futhi uHulumeni ngeke abenalo ijele ilingangena wonke umuntu
omnyama walelizwe uma sonke sesihlangene sazimisela ukuthi sekuncono
kona ukufa nejele kunalempilo esifakwa kuyo ngenkani.
Ngike ngezwa ngathi ukuthi sizomiselwa ibandla lethu okuyilona
elokhulumisana noHulumeni ngathi, lise nezikhalo zethu kuye. Futhi
ngizwa ukuthi kukhona abantu abalithandayo lelibandla. Baboneni kulona?
Yebo, usuphumile umthetho osibhenca ngodaka emehlv/eni kube
songathi sesinalo izwi nathi emikhandlv;ini kaHulumeni. Argikholvva
ukuthi angakhona umuntu ofundisiwe nocaban^ayo ongathi lento esinikwa
yona isibeka ebangeni labantu abanezwi ezindabeni zakwaHulumeni. Ake
ngikhanyise kanje: Lomthetho ingqondo yawo ukuchitha nokubulala iluiigelo abantu baseKoloni abebenalo iminyaka eminingi lokuba kuthi uma
kukhethwa amalungu a Palamende nabo bayifake eyabo inkatho. Manje akusafuneni loko. Sokuthiwa bazomiselwa elabo ibhuku la amagama abo azo
lotshwa khona labo abanelungelo, okothi nxashana sekukhethwa bona bazikhethele ababo abathathu ukjtya ePalamende^ ababili ukuya endlini yeziGele, ababili ukuya kuPalamende yesiGodi sa.se Koloni. Bese futhi benikwa ilungelo lokukhetha abantu abamnyama ukuba bona babe amalungu alo
leliBandla lase Pitoli, kube abantu abathathu, omunye wabo amele amadolobha, kanti owesine yena wokhethwa uHulumeni. Abase Transvaal ne
Free State bayahlanganiswa ukuba bakhethe ilungu libe linye leziGele
nabantu abathathu bebandla lomkhandlu ePitoli,omunye wabo amele amadolobha, bese uHulumeni ekhetha owesine. Fase Natal kubenjalo nje.
Lendlela eyenziwayo akubonakalisi ukuthi ingenza ukuba izwi lomuntu
omnyama lizwakale.
Pho kanti kuzo khethelwani?
Banengi abantu abanalowo mqondo. Nami uqobo lwami kwangifikela
lokho, kodwa ngabuye ngabona ukuthi kufanele sibakhethe labakhulumeli
abamhlophe nabamnyama, khona loku esikusolayo bokubeka obala nezwe
likwazi. Futhi umoya wami unginika ukuthi uma singakhetha ngokuhlafeanipha nangobunono obukhulu, sathola amadoda aqotho nathanda isizwe,
ikona okungasheshe kwenze sihlangane sibe muntu munye, ngoba phela
sobe sesinabaholi abakhethwe ithina ngokubethemba okufanele nakanjani
sibalandele sibakhuthaze sibaphase ukuze izwi abalikhulumayo libenesithunzi nakwabezizwe. Sinje nje nje ngoba sinabaholi abangangotshani
okukhona phakathi kwabo uvuka-baibambe kungaziwa nala bevela khona.
Sengathi kimi lelisu likaHulumeni, noma eyena abengakuqondile lokho,
lizosenza abantu nathi uma sikwazi ukulisebenzisa ngemfanele.
Bfwenzeke kahle, ntanga, sibonane. Bengokuzwa nini konke loku. Ngifisa
gengathi kungathi mdla ninomhlangano ungitshele nami kengozizwela.
Slnkulu lezindaba, "angazi ukuba umuntu angenza kanjani ukuzimemeza
umuntu azizwe noma ekude.
Sobuye sibonane, Qandalingophi, mfowethu, Mikhulu imizamo eyenziwa
ilabantu enijwayele ukubethuka nokuba sabangela okubi, beyenzela nina
nesizwe sonke. Sengathi nawe ungathi ekuhambeni kwakho phakathi kwezwe
ukhulume nabantu bakithi, ubahlabele lomkhosi. Inkulu lempi esiphezu
kwayo. Ifuna ukuhlanganyelwa umuntu wonke ozibiza ngokuthi uyindoda.
Sala kahle.
A
a
7k
Collection Number: AD843
XUMA, A.B., Papers
PUBLISHER:
Publisher:- Historical Papers Research Archive
Location:- Johannesburg
©2013
LEGAL NOTICES:
Copyright Notice: All materials on the Historical Papers website are protected by South
African copyright law and may not be reproduced, distributed, transmitted, displayed, or
otherwise published in any format, without the prior written permission of the copyright
owner.
Disclaimer and Terms of Use: Provided that you maintain all copyright and other notices
contained therein, you may download material (one machine readable copy and one print
copy per page) for your personal and/or educational non-commercial use only.
People using these records relating to the archives of Historical Papers, The Library,
University of the Witwatersrand, Johannesburg, are reminded that such records
sometimes contain material which is uncorroborated, inaccurate, distorted or untrue.
While these digital records are true facsimiles of paper documents and the information
contained herein is obtained from sources believed to be accurate and reliable, Historical
Papers, University of the Witwatersrand has not independently verified their content.
Consequently, the University is not responsible for any errors or omissions and excludes
any and all liability for any errors in or omissions from the information on the website or
any related information on third party websites accessible from this website.
This document is part of the archive of the South African Institute of Race Relations, held
at the Historical Papers Research Archive at the University of the Witwatersrand,
Johannesburg, South Africa.

Documentos relacionados

UNG ITHAND A NEZICIZAMI!

UNG ITHAND A NEZICIZAMI! EKHETHEKILE UKHANYI USILUMA INDLEBE NGOBUDLELWANO BAKHE NOTEBOGO LEROLE FUTHI UTHI ABALUTHINTI UCANSI

Leia mais

Zulu - BMF

Zulu - BMF Izimpawu zalesisifo ziyakhula ngemuva kwesikhathi

Leia mais

link

link olomile (dry sex) ngoba lokhu kungabanga ukusikeka nokopha okwenza ukuthi ivayirasi ikwazi ukungena esikhunjeni sakho kalula.

Leia mais

Dressing - Dementia SA

Dressing - Dementia SA lunikezwe ngobuhlakani nangozwela ukuze akwazi ukuqhubeka ezikhethela yena uma nje esakwazi. Kubalulekile ukuzinika isikhathi esiningi uma kudingeka usize umuntu ukuba agqoke ukuze nobabili ningazi...

Leia mais

Copyright, Voice Of God Recordings

Copyright, Voice Of God Recordings ukuthi kuyiQiniso, ngicabanga ukuthi sekuyihora manje, kuzoba yisikhathi esihle, ukusondela kuye e^naphakathi kwenu malungu nezinto lapha zebandla, ukuthi nizozithatha lezizinqubo-mgomo futhi nizik...

Leia mais

ZUL57-0915E AmaHebheru, Isahluko sesiKhombisa #1 VGR

ZUL57-0915E AmaHebheru, Isahluko sesiKhombisa #1 VGR obaba nomama kulelizwe lamanje. Ngiyoninika abangani nohambisana nabo. Futhi angisoze nganiyeka, aNgiyikunishiya. Noma izwe likufulathela, Ngiyohamba nani, kuze kube sekupheleni kwendlela.”

Leia mais

God`s Simple Plan of Salvation taken from I NgokukaJohane

God`s Simple Plan of Salvation taken from I NgokukaJohane Kwabase Roma 10:9-10,13 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo ...

Leia mais